Zikhalelwe amasongo kasigonyela izikhulu eziningi ze-Metro ezibandakanywa nenkohlakalo!

Sekuboshwe iziphathimandla eziningi endaweni yase-Ekurhuleni mayelana nenkohlakalo nokukhwabanisa okuhlobene nokubhaliswa kwezimoto. Izikhulu ezinhlanu, kubandakanya  nongumqapheli bakhalelwe amasongo kaSigonyela endaweni yase-Alberton nase-Bedfordview emahhovisi okuthathwa khona izincwadi zokushayela bebanjwa Ithimba eliyimbumba labaphenyi eliqukethe ithimba we-Road Traffic Management Corporation’s National Traffic Anti-Corruption Unit, i-Ekurhuleni  Metro Police Department’s Compliance and Monitoring Unit, kanye nethimba le-South African Police’s Gauteng Special Project Unit.

Lezi ziphathimandla ezinhlanu-ezintathu ezesifazane bese ezimbili ezesilisa futhi zilinganiselwa eminyakeni engamashumi amabili nesikhombisa kuya eminyakeni engamashumi amane nanhlanu ubudala babo- balandwe emahhovisini  ezikhungweni ezimbili zokwenza izincwadi zokushayela, esise-Alberton nase-Bedfordview.

Bagcinwa esikhungweni samaphoyisa sase-Germiston futhi bavelile kafushane enkantolo yamacala e-Johannesburg Specialised Commercial Criminal Court. Oyisikhulumi se-RTMC UMnumzane Simon Zwane uthe lezi ziphathimandla kusolakala ukuthi banobudlelwano-mbumbulu nabanini bezimoto ukuthi babacishele izinhlawulo ngokwehlukana kwazo  futhi baphinde babhalise izimoto ngamagama abantu abangasekho emhlabeni  noma ngomuntu ongeke asolakale kanti baphinde babhalise leyomoto ngomnikazi wayo osemthethweni.

“Kusolakala ukuthi lenkohlakalo  idla izindodla zemali zoMasipala abahlukene, izikhulu wezokuthutha zesiFundazwe kanye nethimba le-RTMC ilinganiselwa ezigidini ezingamashumi ayisishiyagalombili zamarandi ngonyaka yezimoto ezingakhokhelwe ukubhaliswa kanye nezinhlawulo,” kunanela u-Zwane.

UMnummzane Zwane uthe uphenyo luyaqhubeka futhi basazoliphenya ibheshu kuboshwe abanye abasolwa abathintekayo kulezizenzo zobugebengu.

Ukuboshwa kwalezi ziphathimandla ezinhlanu kulandela ukubanjwa kuboshwe  ezinye izikhulu ze-Metro zase-Ekurhuleni ezisebenza eMnyangweni wokuthathwa kwezincwadi zokushayela endaweni yase-Benoni.

Amalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi abike izenzo zenkohlakalo nobugebengu kulezinombolo ezilandelayo: 0861 400 800.

About Mapepeza 73 Articles
Mapepeza Media is a South African company that specializes in a range of media products and services. The offering includes print media, outdoor and digital advertising.

Be the first to comment

Leave a Reply

Your email address will not be published.


*